Umphakathi ubuyele emsebenzini kwaSithebe

2016-03-16 06:00
Usihlalo we-ANC Greater KwaDukuza uMnuz Ricardo Mthembu kwaSithebe ngoLwesihlanu oledlule. x

Usihlalo we-ANC Greater KwaDukuza uMnuz Ricardo Mthembu kwaSithebe ngoLwesihlanu oledlule. x

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

NGOMSOMBULUKO, ngomhlaka 14 kuNdasa (March), akubanga khona mbiko yodlame nokubikisha endaweni yakwaSithebe emva kokuthi ubuholi benhlangano kaKhongolose bukwaze ukunqanda isimo ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Major Thulani Zwane uthe: “Amaphoyisa awakatholi mbiko namhlanje [ngoMsombuluko]. Abasolwa ababoshelwe udlame ngeledlule bavela enkantolo yeMantshi yaseMtunzini ngomhlaka 9 kuNdasa, icala lahlehliselwa umhlaka 15 kuNdasa,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa aseSundumbili, u-Lieutenant Gideon Mthethwa uthe amaphoyisa abasebenzela kwaSithebe ngoMsombuluko ukuqinisekisa ukuthi udlame aluqali phansi ngenkathi abantu bebuyela emsebenzini.

Ngeledlule kuboshwe abantu abanga phezulu kuka-100 ngamacala okudala udlame emphakathini endaweni yakwaSithebe, eMandeni.

Baboshwa ngenkathi umphakathi ubhikisha ushisa amaloli ayisithupha nezimboni waphinde wavala imigwaqo.

Ababhikishi babe khononda ngokubekwa kuka Mnuz Lawrence Magwaza njenge mbangi yokuba yikhansela.

NgoLwesihlanu, okhulumela umphakathi, uMnuz Mafa Khanyile unxuse umphakathi obuhlanganyele ezinkundleni zemidlalo ukuba unikeze abaholi ithuba lokuthi bethule izinkulumo zabo ukuze bezophendula izimfuno zomphakathi.

Lokhu ukusho ngoba ngoLwesithathu oledlule kuphazamiseke umhlangano obekumele ubephakathi kwabaholi nomphakathi ngenkathi umphakathi ufuna kukhululwe labo ababoshelwa udlame ngaphambi kokuthi izinxonxo ziqhubeke.

Uthe labo ababoshelwa udlame banikeza amaphoyisa imininigwane okungesiyona okudale ukuthi ukukhululwa kwabo kuthathe isikhathi esengeziwe.

Ekhuluma nabezindaba, uMnuz Khanyile uthe izikhalo umphakathi onazo ngoMnuz Lawrence Magwaza ukuthi ngesikhathi esayiMeya yaseMandeni akakwazanga ukwenza umsebenzi wakhe ngendlela efanele.

Uthe ezinye izikhalo umphakathi obunazo zimayelana nomtholampilo wakwaSithebe. Uthe umphakathi ukhala ngokuthi abasebenzi ngedlela egculisayo abahlengikazi bakulo mtholampilo kanti futhi ushodelwa yimithi.

Uqhube wathi okunye umphakathi obukhala ngakho ukuthi izimboni zakwaSithebe azibaqashi abantu bendawo kanti futhi labo abaqashiwe baholelwa imali encane.

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mdumiseni Ntuli uthe ubuholi buthathe isinqumo sokuthi uMnuz Magwaza uzosuswa esikhundleni sakhe ngenxa yezikhalo eziphakanyiswe umphakathi.

Uthe inhlangano izibophezele ekusebenzeni nomphakathi ukuthola isixhazululo kulolu daba.

Oyilungu le-ANC PEC uMnuz Mxolisi Kaunda uthe osomabhizinisi bathembisile ukuthi angeke bezivale izimboni zabo kwaSithebe kodwa bazoqhubeka nokusebenzela kule ndawo.

Uthe ubuholi behlangano kaKhongolose buxoxisane noNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDokotela Sbongiseni Dhlomo ngezikhalo eziphakanyiswe umphakathi ngomtholampilo wakwaSithebe.

USihlalo we-ANC Greater KwaDukuza, uMnuz Ricardo Mthembu uthe ubuholi benhlangano buxoxisane ne-Cosatu mayelana nokuthi abasebenzi banelungelo lokuhlanganyela nezinyunyana.

NgoMsombuluko iMeya yaseMandeni, uMnuz Siphesihle Zulu uthe indawo yakwaSithebe ibuyele esimeni esijwayelekile njengoba abantu bebeya emsebenzini.

Uthe kuzoba khona isu lokuthola ukuthi umonakalo odalekile nesikhathi esilahlekile ngeledlule kuzokhokhwa kanjani.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.