Umphakathi ufuna kubuyiselwe iNduna

2016-03-02 06:00
Umphakathi wakwa ward 10, eMandeni, uvale imgwaqo engena kwaSithebe ngoMsombuluko ufuna uMnuz Masinga abuyiselwe esikhundleni sakhe sokuba yiNduna. Isithombe: Sithunyelwe

Umphakathi wakwa ward 10, eMandeni, uvale imgwaqo engena kwaSithebe ngoMsombuluko ufuna uMnuz Masinga abuyiselwe esikhundleni sakhe sokuba yiNduna. Isithombe: Sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI wakwa ward 10, eMandeni, uvale imgwaqo engena kwaSithebe ngoMsombuluko ufuna uMnuz Masinga abuyiselwe esikhundleni sakhe sokuba yiNduna.

Kubikwa ukuthi uMnuz Masinga wasuswa ekubeni yiNduna ngonyaka odlule ngomhlaka 16 kuZibandlela (December), iNkosi yabeka ezinye iziNduna esikhundleni sakhe.

IKhansela, uMnuz Ntshebe Mdunge, obehola ababhikishi ngoMsombuluko, ukuqinisekisile ukuthi umphakathi ubukhala ngokuthi kubuyiselwe uMnuz Masinga endaweni yakhe yokuba yiNduna.

UMnuz Mdunge ukhale ngendlela uMnuz Masinga wasuswa ngayo ekubeni yiNduna nangendlela iziNduna ezintsha ezifakwe ngayo.

Uqhube wathi uMnuz Masinga wakhethwa umphakathi ukuba abe yiNduna.

Uthe: “Induna isuswa esikhundleni sayo uma umphakathi ungasagculisekisile ngobuholi bayo, noma idlule emhlabeni, noma ikhethe ukuthatha umhlala phansi,” kusho uMnuz Mdunge.

Osebenzela inkantolo yezoMdabu, uMnuz Bonginkosi Gumede uthe uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, phecelezi i-Cogta, wathatha isinqumo sokuthi uMnuz Masinga asuswe ekubeni yiNduna emuva kokuthi kubekhona izikhalazo ngaye.

Uthe ababhikishi bebekhala ngokuthi bafuna ukuzi khethela bona iNduna.

Uthe: “Into esikhathazayo ukuthi iKhansela yilona ebelihola ababhikishi ekubeni kumele engabe amakhansela asebenza ngokubambisana nabaholi boMdabu,” kusho uMnuz Gumede.

Uqhube wathi i-Cogta izokwaziswa ngezimfuno zomphakathi ngoLwesithathu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.