Umphakathi unikezwe amatayitela

2016-08-03 06:00
UMeya waseMandeni uMnuz Siphesihle Zulu ebambisene nezikhulu zakwaMasipala kanye nezivela kuMnyang wezokuHlaliswa kwaBantu unikeze umphakathi waseMandeni amatayitela ngeledlule.  Isithombe: Sithunyelwe

UMeya waseMandeni uMnuz Siphesihle Zulu ebambisene nezikhulu zakwaMasipala kanye nezivela kuMnyang wezokuHlaliswa kwaBantu unikeze umphakathi waseMandeni amatayitela ngeledlule. Isithombe: Sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMASIPALA waseMandeni ubambisene noMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu unikeze abahlali baseHighview Park, Sundumbili kanye nabaseHlomendlini amatayitela emcimbini obuse hholo lomphakathi iSibusisiwe ngoLwesihlanu oledlule, ngomhlaka 29 kuNtulikazi (July).

Lo mcimbi ubuhanjelwe izikhulu ebezivela kuMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu uMnuz Mduduzi Zungu, uMnuz Sandile Khoza kanye noMnuz Elijah Cele.

UMeya waseMandeni uMnuz Siphesihle Zulu uthe: “Njengo masipala sithanda ukubonga uNgqongqoshe wezokuHlaliswa KwaBantu uMnuz Ravi Pillay ngokuthi lo Mnyango uyaqhubeka nokwakhela abantu izindlu futhi uphinde ubanikeze amatayitela. Lamatayitela azokwenza umehluko omkhulu kubantu baseHighview Park, Hlomendlini nabaseSundumbili. Kumanje sisebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi umphakathi waseNyoni, eCannan, nawo uyawathola amatayitela,” kusho yena.

Uqhube ngokunikeza izakhamuzi iseluleko sokuthi umazifisa ukunweba izindlu zazo kumele zixhumana noMasipala ukuqinisekisa ukuthi yonke into izokwakhiwa ngohlelo olufanelekile.

Ekhulumela uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu, uMnuz Mduduzi Zungu ucebise umphakathi ngokuthi uqikelele ukuthi uwaphatha kahle amatayitela njengoba eyimpahla ebalulekile kumuntu.

Uthe: “Umzali odinga imali yokuthumela ingane yakhe esikoleni semfundo ephakeme engasebenzisa itayitela lakhe ukutsheleka imali ebhange,” kusho uMnuz Zungu.

Ekhulumela umasipala waseMandeni, uMnuz Themba Mthembu uthe kukhishwe amatayitela angu-24. Uqhube ngonxusa umphakathi ukuba ulande amatayitela awo njengoba kukhona amatayitela angu-500 ahlezi ehhovisi lakwamasipala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Land reform model fizzles

57 minutes ago

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.