Umphakathi unxuswe ukuthi ulwisane nobugebengu

2016-11-09 06:00
 Isithombe: Makhosandile Zulu Zulu

Isithombe: Makhosandile Zulu Zulu

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuThutha, ukuPhepha koMphakathi nokuXhumana KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda unxuse imiphakathi yesifundazwe saKwaZulu-Natal ukuthi ibambisane noMnyango wakhe, amaphoyisa, abaholi bendabuko kanye nezinye izinhlaka ezilwisana nobugebengu kwimizamo yokuletha ukuthula ezindaweni ohlala kuzona.

UMnuz Kaunda ubekhuluma emcimbini wokwethulwa kohlelo i-Safety Month 2016 KwaMaphumulo lapho khona athe uhulumeni wesifundazwe usebenza ngokuzikhandla kwimizamo yokuqeda izimpi zezigodi kanye nodlame lwasematekisini kule ndawo.

Lo mcimbi ubuhanjelwe uNgqongqoshe wamaphoyisa kazwelonke uMnuz Nathi Nhleko, iMeya yesifunda iLembe uMnuz Sduduzo Gumede, iMeya yaKwaMaphumulo uNkk Matozi Khuzwayo-Dlamini kanye nobuholi bendabuko.

Uthe: “Sikholelwa kakhulu njengo hulumeni ukuthi angeke sakunqoba ubugebengu sisodwa, yingakho udaba lobugebengu kuwu daba lesizwe, lo mphakathi wonke ukuthi asihlangane sikwazi ukulwisana nalesi sihlava,” kusho uMnuz Kaunda.

UNgqongqoshe uthe isizathu sokuthi kukhethwe indawo yaKwaMaphumulo ukuzo kwethula izinhlelo zokuphepha kungenxa yomlando omubi indawo yaKwaMaphumulo esizakhele wona.

Uthe kwamushaqisa ukuthi wathi esanda kungena njengo Mphathiswa kuMnyango wezokuThutha, ukuPhepha koMphakathi nokuXhumana wavakashela endaweni yaKwaMaphumulo esizweni sakwaNdaba kubulewe abantu abane kade kuno umcimbi emzini wakwaCele.

Uthe: “Lokhu kwaba yisikhumbuzo kuthina sonke ukuthi isenkulu inkinga esibhekene nayo yobulelesi kulendawo,” kusho uMnuz Kaunda.

Uqhube wathi yena kanye noNdunankulu wesifundazwe saKwaZulu-Natal uMhlonishwa uMnuz Willies Mchunu ayikho indawo asebeyisebenze njenge ndawo yaKwaMaphumulo ukuzama ukudala ukuthula embonini yamatekisi.

Uthe: “Kodwa emasontweni amabili adlule kubulawe abantu ababili khona kule ndawo ngaphandle kwe-tavern, abanye ababo okuvele ukuthi bebe sembonini yamatekisi,” kusho yena.

Ekhuluma ngezigameko ezahlukahlukene zodlame lwamatekisi, uthe kwesinye isigameko kwadubuleka umfundi owagcina esehlezi kwisihlalo esinamasondo, phecelezi i-wheelchair, khona KwaMaphumulo ngenxa yenxabano yangaphakathi embonini yamatekisi.

Uthe: “Kuyona futhi kule ndawo ngonyaka odlule ngo-December kusuke izigebengu zagibelisa amantombazane emotweni okuthe ngemuva kokuhamba ibanga elincane bawehlisa adutshulwa abulawa,” kusho uMnuz Kaunda.

UNgqogqoshe uthe uMnyango wakhe wasebenza kanzima ukuzama ukuletha ukuthula ngenkathi kukhona ukubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwezigodi ezimbili, esakwaNdaba nesakwaMbulwini.

Uthe kuphinde kwaba nesikhathi ubugebengu ezikoleni kuke kwadla lubi sekuphazamiseka nokufunda, ezinye izingane sezingasayi ngisho esikoleni.

UMnuz Kaunda uthe: “Besazi ke ukuthi nakoVukile [High School] kunezigilamkhuba ebezima ngaphandle kwesango zidlulisa izidakamizwa. Izingane ziyafunda ngapha, bayazihlukumeza nje, bazihlupha ngezidakamizwa ukuthi zingabe zisalalela,” kusho yena.

Unxuse umphakathi waKwaMaphumulo, uMnyango wakhe, amaphoyisa kanye ne-CPF ukuthi bebambisane kwimizamo yokuqeda ngodlame lwamatekisi.

Ekhuluma nosomabhizinisi bamatekisi, uthe kumele beqede ngemboni okuthiwa eyezinkabi ukuze ibhizinisi lamatekisi lizo simama.

Uthe: “Ngakho ke ukuyiqeda le mboni yezinkabi kufuna bona abanikazi bawo lo msebenzi wemboni yamatekisi besithathe isinqumo sokuthi nathi sithi sekwanele,” kusho yena.

Uqhube wathi imali okuthengwa ngayo izinkabi ngabe iyasiza ukuthi kukhushulwe umsebenzi wemboni, osomabhizinisi bamatekisi bekwazi ukuzenzela amathayi kanye nokulungiswa kwezimoto kanti futhi bekwazi nokuqasha abantu abahlezi emakhaya abangasebenzi ukuze bezobamba iqhaza embonini yamatekisi.

Uncome amaphoyisa ngokusebenza ngokuzi khandla okuqinisekise ukuthi kukhona ukugcinwa komthetho kanye nokunqandwa kokubhebhetheka kodlame nokufa kwabantu endaweni yaKwaMaphumulo.

UNgqongqoshe uthe: “Singakubeka okubi ngamaphoyisa kodwa mukhulu umsebenzi omuhle amaphoyisa awenzayo. Siyawa ncoma kakhulu amaphoyisa ngoba kwezinye izigameko, nesinye esenzeka la eStanger lapho okwabulawa khona abantu abane, umsolwa owatholakala enecala kulelo cala, sifisa ukuthi abantu bazi ukuthi umthetho ukhona futhi uyasebenza, wagwetshwa, wanikezwa isigwebo odilika jele abane neminyaka engu-42 ngaphezulu,” kusho yena.

Uthe kuyakhathaza ukuthi njalo uma amaphoyisa ebambe imkhankaso yawo kuhlale kuvundululwa inqwaba yezibhamu endaweni yaKwaMaphumulo.

Uqhube wathi kuzomele aqhubeke amaphoyisa ngokuthi agasele ezindaweni zokucima ukoma ezingekho emthethweni.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.