Umphakathi waseMelville ubhikishe wavala umgwaqo

2016-05-18 06:00

UMPHAKATHI waseMelville uvimbe umgwaqo u-R102 ngenkathi ubhikisha ngoMsombuluko ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Major Shooz Magudulela uthe ababhikishi bashise amathaya bawasebenzisa ukuvimba umgwaqo u-R102.

Umphakathi ubungaqali ukubhikisha njengoba ngoLwesithathu oledlule bekuyiso leso umphakathi uvale umgwaqo.

U-Major Magudulela uthe akukaboshwa muntu kanti amaphoyisa ayaqhubeka nokuphenya.

IKhansela laseMelville, kuWard 24, uMnuz Thokozani Msweli uthe umphakathi ububhikisha ukhala ngezinto ezithinta iqembu le ANC yingakho engenalo igunya lokuphawula.

Okhulumela i-ANC kwisifunda saKwaDukuza, uMnuz Lucky Makhathini uthe umphakathi uqale ukubhikisha emuva kokuthi kube khona umyalezo othi useqokiwe umuntu ozomela le Ward kukhetho lohulumeni basekhaya kuNcwaba (August) kuwona lo nyaka.

Uthe akusilona iqiniso ukuthi useqokiwe umuntu ozomela iqembu kukhetho lohulumeni basekhaya.

Uqhube wathi inombolo ebithumela lo myalezo ongesilona iqiniso ayisasebenzi.

Uthe i-ANC ithumele amathimba ahlukahlukene ezindaweni lapho khona kusuke umsindo ngenxa yokungagculiseki ngezinqubo zenhlangano.

Uthe: “Uma amalungu enhlangano esehlalile phansi nemiphakathi enezikhalo ngezinto ezibandakanya izinqubo zeqembu kuzo bikelwa ubuholi besifunda ukuze kuzotholakala isixazululo,” kusho uMnuz Makhathini.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.