UNgqongqoshe ugxeke ukujola kothisha nabafundi

2016-07-27 06:00

UTHISHA oneminyaka engu-36 ubudala osolwa ngokudubula abulale umfundi nomama wakhe uvele eNkantolo yeMantshi yaseKranskop ngoLwesihlanu oledlule, ngomhlaka 22 kuNtulikazi (July).

Lo thisha kuthiwa ubenobudlelwano nomfundi wesikole iNdukwende Secondary.

Amaphoyisa athi le ndoda yaya kubokalo mfundi ngesikhathi samaholidi ekuqaleni kwenyanga kwaqubuka ingxabano ngesikhathi ethi ufuna ahambe naye.

Kusolwa ukuthi ngesikhathi intombazane nomama wayo benqaba lo thisha wavele wabadubula.

UNgqongqoshe wezeMfundo uMnuz Mthandeni Dlungwane usigxekile lesi sigameko ngesikhathi evakashele abomndeni.

UMnuz Dlungwane uthe kuyishwa ukuthi umphakathi usathula ngodaba lothisha abajola nabafundi.

Uthe:"Umphakathi kufanele uphume ngobuningi bawo usunike imininingwane ngoba namuhla sithole okusha, ukuthi lothisha unengane eneminyaka emibili nalo mfundi. Akekho owake wazosibikela, wafike wathi nangu uthisha ethandana nomfundi," usho njalo, kubika iNewswatch.
Uthisa ufake isicelo sebheyili ecaleni lokubulala umfundi kanye nomama wakhe, kodwa inkantolo isichithile isicelo sakhe kanti kulindeleke ukuthi lo thisha uzobuyela enkantolo ngomhlaka 17 kuNcwaba (August), kusho okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal u-Lieutenant Colonel Zwane. - News24

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.