UNgqongqoshe uthi akuqiniswe umthetho konogada bamatekisi

2016-09-21 06:00

UNGQONGQOSHE wezokuThutha, nokuPhepha koMphakathi, nokuXhumana KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda unxuse inhlangano i-Private Security Regulatory Authority (PSIRA) kanye namaphoyisa ukuba beqinisekise ukuthi izinkampani zonogada bezimboni zamatekisi ziyawugcina umthetho othi izibhamu zabo akumele zibonakale kumphakathi.

UNgqongqoshe ukusho lokhu ngemuva kokuthi kudubuleke kwalimala intombazane eneminyaka eyisithupha (6) ubudala embonini yamatekisi aseShakaskraal ngoMsombuluko oledlule.

Okhulumela amaphoyisa ase Umhlali, uMnuz Vinny Pillay uthe umsolwa othinteka kulesi sigameko uvele enkantolo yase Umhlali ngoMsombuluko, ngomhlaka 19 kuMandulo (September) ngecala lokuzama ukubulala.

Uthe umsolwa unikezwe ibheyili ka-R2000 kanti kulindeleke ukuthi uzobuyela enkantolo ngomhlaka 24 kuMfumfu (October).

Uqhube wathi ingane eyalimala kulesi sigameko isasesibhedlela saseStanger kanti iyalulama.

kusolakala ukuthi umsolwa nomshayeli wetekisi eyayigitshelwe isisulu baba nokungazwani kahle ngokwenkulumo ngaphambi kokuthi kudubuleke ingane nowesifazane.

UNgqongqoshe uMnuz Kaunda unxuse i-PSIRA ukuthi ithathe izinyathelo ezifanelekile ukuze izinkampani zonogada zizothobela umthetho.

Uthe: “UMnyango wezokuThutha ubambisene nenhlangano i-PSIRA kanye namaphoyisa kumele uthole indlela yokuthi izinkampani zonogada kanye nabazisebenzelayo bayawuthobela umthetho. Akwamukelekile ukuthi onogada balezi zinkampani bavumelekile ukuthi behambe bephethe izibhamu emphakathini ngoba lokhu kuhlukumeza abagibeli. Sekumele sisifakele amehlo lesi simo yingakho kumele sithole indlela yokuqinisekisa ukuthi umthetho uyagcinwa. Wonke umuntu unalo ilungelo lokuzivikela yena nempahla yakhe kodwa lokhu akumele kubeke izimpilo zamalungu omphakathi egcupheni,” kusho uMnuz Kaunda.

Uqhube wathi izinkampani zonogada kumele zithobele umthetho futhi zigqugquzele ukuphepha kwabagibeli.

Uthe: “Izimboni zamatekisi ziyizindawo zomphakathi okusho ukuthi akekho onelungelo lokulawula umphakathi kulezi zindawo. Kuyasikhathaza kakhulu ukuthi izinkampani zonogada bezimboni zamatekisi zike zathinteka ezigamekweni zodlame ngaphambilini kulomkhakha wamatekisi. Kwezinye izigameko kukhona onogada ababoshwa bagwetshelwa amacala odlame kulomkhakha wamatekisi. Sinxusa bonke osomatekisi ukuba bayihlaziye kahle indima edlalwa izinkampani zonogada kulomkhakha ukuze bezolekelela ekutheni kuqinisekiswe ukuthi umthetho uyagcinwa,” kusho uNgqongqoshe.

USihlalo weSANTACO esifundeni iLembe, uMnuz Bongani Musawenkosi Mkhwanazi uthe kubeyindida ebakhathaze kakhulu njenge nhlangano ukuthi unogada waphunyuka ngendlela aphunyuka ngayo kwaze kwalimala abagibeli njengoba unogada bekumele aqinisekise ukuthi abagibeli baphephile.

Uqhube wathi okunye okukhathazayo ukuthi inhlamvu ibiphezulu kwisibhamu sikanogada othintekayo okuyinto engafanelekile.

Uthe: “Siyazwelana kakhulu nezisulu ezalimala kulesi sigameko kanye nomphakathi wonke. Sifisa umphakathi wazi ukuthi siyawuhlonipha kakhulu njengoba abagibeli bethu kuyibona o-baas bethu,” kusho uMnuz Mkhwanazi.

Uthe inhlangano i-SANTACO izohlangana nenhlangano yamatekisi i-Dolphin Coast Taxi Association ngoLwesibili, ngomhlaka 20 kuMandulo ukudingida loludaba ukuze kuzotholakala amasu azoqinisekisa ukuthi isigameko esifanayo siyagwemeka enkathini ezayo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.