UNgqongqoshe uvakashele eMandeni

2016-07-20 06:00
 Isithombe: SithunyelweUSomlomo womkhandlu waseMandeni uNksz Makhosazana Zungu, uSekela meya wesifunda iLembe uNkk Dolly Shandu, uNgqongqoshe uMnuz Jeff Radebe kanye noSodolobha waseMandeni uMnuz Siphesihle Zulu kwImbizo ebibanjwe ngeledlule.

Isithombe: SithunyelweUSomlomo womkhandlu waseMandeni uNksz Makhosazana Zungu, uSekela meya wesifunda iLembe uNkk Dolly Shandu, uNgqongqoshe uMnuz Jeff Radebe kanye noSodolobha waseMandeni uMnuz Siphesihle Zulu kwImbizo ebibanjwe ngeledlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UNGQONGQOSHE uMnuz Jeff Radebe ubambe Imbizo eMandeni ngeledlule ukuze uhulumeni, osomabhizinisi, yintsha kanye namalungu omphakathi athole ithuba lokukhulumisane ngezinto okumele zenziwe nguhulumeni ukufeza izidingo zomphakathi kanye nokuletha intuthuko endaweni lapho abantu behlala khona.

UMnuz Radebe uthe: “LeziziMbizo esibanazo kuzo zonke izindawo lapho abantu bakithi bakhe khona sizenza ngoba sifuna ukuzizwela kumalunga omphakathi ukuthi ngempela izidingo zikahulumeni ziyafinyelela kubani nobani owakhe lapha ezweni lethu lase Ningizimu Afrika.”

UNgqongqoshe uqale ngokuthi avakashele amahhovisi akwa SASSA, amahhovisi akwa Home Affairs, kanye ne Clinic yakulendawo.

Uthe akubonile emahhovisi akwa SASSA ukuthi kukhulu okumele kwenziwe ukuze abantu, ikakhulukazi abadala, bakwazi ukufinyelela kuwona ukuze bezothola usizo ngendlela ekhombisa ukuzwelana nezidingo zabo. Uqhube wathi ubonile nokuthi inqalasizinda, phecelezi i-infrastructure development, kumele yenziwe ngokushesha ukuze abantu bathole usizo ngendlela efanele.

Uthe: “E-Clinic sizibonele futhi ukuthi ama-nurse asebenza ngokuzikhandla yize bebathathu nje kuphela. Kusithokozisile ukubona ukuthi le-clinic eyakhiwe ngo-nyaka ka-2007 isebenza 24 hours ngosuku, nokuthi abantu bathola usizo olufanele khona. Sizibonele ukuthi kuloMtholampilo futhi kuzofuneka lomshini okuthiwa owe-radiography, okumele uhulumeni awuthenge aphinde futhi athole intsha iqeqeshwe ukuwusebenzisa ukuze ama- X-ray enziwe khona, ukuze ukulashwa kwabantu kungabambezeleki,” kusho uMnuz Radebe.

Uthe ufikelwe ukudumala ngenkathi evakashela amahhovisi ezaseKhaya kwa-Home Affairs ngoba ubone izinto ezingahambi kahle ngendlela efanelekile. Uqhube wathi ezindaweni eziningi asezivakashelile amahhovisi aloMnyango ubone ukuthi sekube khona ushintsho olukhulu.

Uthe: “Endaweni eziningi ezweni abantu sebathola usizo ngokushesha kunangaphambilini. Abantu sebathola umazisi ngendlela ekhombisa ukuzimisela ukusiza abantu emphakathini. Kungakho siyesadumala uma sibona ukuthi ushintsho esilubona endaweni eziningi sengathi alukafinyeleli ku-Home Affairs walapha eMandeni,” kusho yena.

UNgqongqoshe uthe kodwa unethemba lokuthi emva kwezinxonxo abenazo nabaphathi baleli hhovisi laseMandeni kuzoba khona ushintsho ngokushesha.

UMnuz Radebe uthe: “Sizophinde sitheleke kungazelele muntu ukuze sizibonele mathupha ukuthi lokho esivumelene ngakho kuyenzeka yini,” kusho yena.

Uqhube wathi uMnyango awuholayo , i-Department of Planning, Monitoring and Evaluation, ubekelwe umsebenzi wokuthi ubheke kuzozonke izindawo ukuthi uhulumeni ezingeni likazwe lonke, esifundazweni kanye nako Masipala usebenza ngendlela efanele.

Uthe: “Lokhu sikwenza ngoba sifuna ukuthi siwuhulumeni kungabibikho umuntu lapha ezweni lethu ongatholi intuthuko,” kusho yena.

UNgqongqoshe uthe uhulumeni akaphatheki kahle ngokuthi kube khona abantu abacekela phansi yonke imizamo emihle kahulumeni yokuthuthukisa imiphakathi yaseNingizimu Africa.

Uthe: “Kuye kusiphathe kabi emva kokuba sibeke eceleni izizumbulu zezimali, ezibalelwa ezigidini ngezigidi , ukuba izidingo zomphakathi zisondezwe kubantu, bese nje kuba khona labo abacekela phansi yonke lemizamo emihle esiyenzayo ekuphuculeni imiphakathi yakathi kuzo zonke izifunda ezweni lakithi. Labo abakhwabanisa imali yomphakathi kumele babhekane nengalo yomthetho. Labo abavilaphayo ekusizeni imiphakathi kumele baqondiswe izigwegwe ukuze basebenze ngokuzikhandla,” kusho uMnuz Radebe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.