UNgqongqoshe wamaphoyisa uhole Imbizo

2015-11-18 06:00
x ISITHOMBE: MAKHOSANDILE ZULU

x ISITHOMBE: MAKHOSANDILE ZULU

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUBANJWE Imbizo enkundleni yezemidlalo eThembeni ngoLwesihlanu oledlule.

Le mbizo ibibanjelwe ukuthola isixazululo ngoku bhebhetheka kobugebengu esifundeni iLembe.

UNgqongqoshe wamaphoyisa, uMnuz Nathi Nhleko uhole lo mcimbi ebambisane nemeya yaKwaDukuza uMnuz Ricardo Mthembu.

Umphakathi unikezwe ithuba lokubuza uNgqongqoshe ukuthi ikuphi okuhlelwe uMnyango wamaPhoyisa ukubhekana nesimo sobugebengu kulesi sifunda.

Izikhulumi ezihlukene zibeke izikhalo ngobugebengu obukhona emphakathini.

Umphakathi unxuswe ukuthi ungazithengi izimpahla ezintshontshiwe ngoba lokhu kwenza ukuthi izigebengu ziqhubeke nokuntshontsha.

Okunye umphakathi okhale ngakho ukuthi ama-tavern avulwa ubusuku bonke.

UNgqongqoshe, uMnuz Nathi Nhleko uthe inkinga yama-tavern inkinga enkulu ezweni lonke njengoba ama-tavern kubuye kube indawo lapho khona okusetshenziswa izidakamizwa.

Uthe: “Le nkinga iyamufaka uhulumeni ngoba umbuzo uthi, njengoba ama-tavern esemaningi kangaka anikezwa ngubani igunya lokusebenza. Anikezwa uhulumeni,” kusho uNgqongqoshe.

Uqhube wathi izinhlaka zika hulumeni ezigunyaza ukusebenza kwama-tavern kumele ziku bukisise ukuthi ukugunyazwa kwama-tavern kunga lawulwa kanjani.

Amanye amalungu omphakathi abeke amaphoyisa icala lokusebenzisana nezigebengu.

UNgqongqoshe uthe: “Akusilona iqiniso ukuthi ukubulawa kwamaphoyisa kungoba amaphoyisa ahlangene nezigebengu. Kufuneka ukuthi umasigxeka, sigxeke ngedlela yokuthi sakhe, sakhe nawo amaphoyisa ngoba amaphoyisa awomphakathi, akusiwona akahulumeni. Uma sivumela isimo sokuthi kwenziwe ubugebengu bokuthi kubulawe amaphoyisa kusho ukuthi sizibulala thina singu mphakathi,” kusho yena.

Umphakathi uphinde wakhala ngokushoda kweziteshi zamaphoyisa ezindaweni zabantu bebala elimnyama.

Elinye ilungu lo mphakathi licele ukuthi kulungiswe indaba yemingcele phakathi kweziteshi zamaphoyisa.

Uthe: “Ukusuka Esthundu uya eMatimatolo u-45 kilometres, kodwa ukusuka Esthundu uya kwaMaphumulo u-10 kilometres kodwa ngenxa yemingcele kumiwa isikhathi eside kuthiwa kulindwe imoto ephuma eMatimatolo kodwa uthole ukuthi ingozi yenzeke eduzane nakwaMaphumulo,” kusho leli lungu.

Umphakathi uphinde wakhala ngoku bhebhetheka kwezidakamizwa njengoba kwezinye izikole kudayiswa izidakamizwa emagcekeni esikole.

UMnuz Mandla Nyawo, oneminyaka engu-39, uthe akajabulanga ngendlela uNgqongqoshe aphendule ngayo ngoba umbuzo wakhe awuphendulwanga.

UMnuz Nyawo ubekade ebuze ukuthi amaphoyisa ahlele ukwenzani ngokuntshontshwa kwezimoto ziyodayiswa eMozambique.

Ngenyanga edlule, uMnuz Nyawo nomndeni wakhe bahlaselwa izigebengu ekhaya labo.

UMnuz Nyawo uthe bangenelwa izigebengu ebusuku ezamdubula emva kwalokho zathatha okhiye bemoto yakhe, zathumba nonkosikazi wakhe.

Uthe: “Izigebengu zathumba unkosikazi wami zahamba naye zayomulahla eManguzi, eduze nomngcele waseMozambique,” kusho uMnuz Nyawo.

Uqhube wathi into abefuna ukuyithola njengoba ehambele Imbizo ukuthi uhulumeni uhlele ukwenzani ngalesi simo sokuntshontshwa kwezimoto zidayiswe eMozambique.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.