Usodolobha ugqugquzela abantu abasha

2016-04-06 06:00
ISITHOMBE: SITHUNYELWE IMeya yaKwaDukuza, uMnuz Ricardo Mthembu ugqugquzele abantu abasha ukuba bezithuthukise ngemfundo ukuze bezonqoba ububha.

ISITHOMBE: SITHUNYELWE IMeya yaKwaDukuza, uMnuz Ricardo Mthembu ugqugquzele abantu abasha ukuba bezithuthukise ngemfundo ukuze bezonqoba ububha.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMEYA yaKwaDukuza, uMnuz Ricardo Mthembu unxuse ulusha ukuba lukhombise intshisekelo ngemfundo nokufuna ukuzithuthukisa.

USodolobha ubekhuluma emcimbini wokubongela abantu abasha abekade beyingxenye yohlelo lokubafundisa ngendlela yokuziphatha emsebenzini. Umcimbi ububanjwe umkhandlu ngeledlule.

Uthe enye yezinto ezihlupha izwe laseNingizimu Afrika ukuthi baningi kakhulu abantu abasha abangasebenzi. Uqhube wathi sekuvamile ukuthi uma imphakathi ibhikishela izimfuno uthole ukuthi iningi lababhikishi yibona abantu abasha.

IMeya ithe kubalulekile ukuthi abantu abasha bezithuthukise ngemfundo ukuze bezonqoba ububha. Uthe kuyadumaza ukubona ukuthi bancane abantu abasha baKwaDukuza abafunda e-TVET yakhona endaweni.

Ugqugquzele abantu abasha ukuba begweme ukusebenzisa izidakamizwa ngoba zimosha izimpilo zabantu.

Uthe abantu abasha yibona okumele behole imkhankaso eqwashisa ngezidakamizwa, izifo zocansi kanye nokukhulelwa kwabantu abasha.

Uthe: “Abantu abasha okumele behole imkhankaso elwisana ne-whoonga egcwele emalokishini ethu,” kusho yena.

Umqondisi wesifunda iLembe kuMnyango wezeMfundo, uNkk Thembinkosi Vilakazi uthe umnyango usebenzisana kakhulu nomasipala ezinhlelweni ezahlukahlukene zokuthuthukisa abantu abasha.

Uxwayise abantu abasha ngokuzibandakanya ocansini olunga phephile ngoba lokhu kukhulisa amathuba okuthi bethole izifo zocansi noma bekhulelwe.

Obekhulumela abantu abasha, uMnuz Nkanyiso Ngwenya ubonge umasipala ngokuthi ubanikeze ithuba lokuthi bethole ulwazi ngokuthi umuntu kufanele aziphathe kanjani uma esemsebenzini.

Uthe: “Ngifisa ukubonga iMeya yaKwaDukuza kanye nomkhandlu wonke ngiphinde ngibonge uMnyango wezeMfundo kanye nabazali bethu ngendima abayidlali ekutheni lolu hlelo libe yimpumelelo,” kusho yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.