Usomabhizinisi unikele ngezicathulo zesikole

2017-03-08 06:01
                                                                   ISITHOMBE: SITHUNYELWE Usomabhizinisi wasendaweni yaseMdlebeni, eDoringkop, unikele ngezicathulo zesikole kubafundi abangu 15 baseNyakane Primary School ngeledlule.

ISITHOMBE: SITHUNYELWE Usomabhizinisi wasendaweni yaseMdlebeni, eDoringkop, unikele ngezicathulo zesikole kubafundi abangu 15 baseNyakane Primary School ngeledlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNU. Elijah Gumbi, ongusomabhizinisi odabuka endaweni yaseMdlebeni, eDoringkop, unikele ngezicathulo zesikole ngoLwesihlanu oledlule, ngomhla ka 24 kuNhlolanja (February) kubafundi abangu 15 baseNyakane Primary School yakhona endaweni. 

Uthe: "Ngikwenze lokhu ngoba bengifisa ukubonga isikole ngendlela esisebenzisana ngayo enokubambisana okukhulu njengoba mina njengo somabhizinisi ngilethela isikole ukudla. Sisebenzisana kahle kakhulu nothisha bakulesi sikole yingakho ngalo mnikelo ngithe akengibonge lobobudlelwane," kusho uMnu. Gumbi. 

Uqhube wathi esinye isizathu sokuthi enze umnikelo walolu hlobo ukuthi iningi lemindeni ezinze endaweni yaseMdlebeni imindeni entulayo yingakho efikelwe umbono wokuthi alule isandla naye kubekhona akuphosa esivivaneni ngokunikela kubafundi abadinga uxhaso. 

UMnu. Gumbi uthe lezizicathulo uzithenge komunye usomabhizinisi wendawo onguMnu. Nkanyiso Mgoma. 

Uthe: "Ngikhethe ukuba ngithengele abafundi izicathulo zesikole kusomabhizinisi wendawo ngoba bengifisa ukuthuthukisa uzakwethu," kusho yena. 

Ubonge ukhansela wendawo, uMnu. Mfeka, ngoxhaso alufakile ngenkathi ehambise lomnikelo esikoleni. 

Uthe: "Ngifisa nokubonga uMnu. Wonderboy Khumalo ngeqhaza alibambile ngenkathi sivakashele esikoleni ukuyodlulisa lo mnikelo," kusho uMnu. Gumbi. 

Uqhube ngokubonga inhlangano ezimele ezinze khona endaweni yaseMdlebeni, Isibindi Project, nayo edlale indima ekutheni uMnu. Gumbi agcine ekwazile ukufeza abekuhlelile. 

Usihlalo wale nhlangano uMnu. Sifiso Khuzwayo uthe: "Inhlangano yethu ilekelele uMnu. Gumbi kanye nesikole ngokuthi ihlonze abafundi le nhlangano ebaziyo emphakathini ukuthi bavela emindenini ezowuthakasela kakhulu umnikelo walolu hlobo," kusho yena. 

UMnu. Khuzwayo uqhube ngokubonga uMnu. Gumbi, ukhansela wendawo kanye nesikole. 

Unxuse amalungu omphakathi afisa ukulekelela le nhlangano ukuba axhumane naye enombolweni ethi 079 400 3796. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.