Uthembisa abalandeli bakhe umculo omnandi

2015-12-09 06:00
Umculi we-gospel uMnuz Athenkosi Hlongwa uthembisa abalandeli bakhe i-DVD emnandi Kanye nolozolo we-album elindeleke ukuphuma ngonyaka ozayo.  ISITHOMBE: MAKHOSANDILE ZULU

Umculi we-gospel uMnuz Athenkosi Hlongwa uthembisa abalandeli bakhe i-DVD emnandi Kanye nolozolo we-album elindeleke ukuphuma ngonyaka ozayo. ISITHOMBE: MAKHOSANDILE ZULU

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMCULI we-gospel uMnuz Athenkosi Hlongwa uthe kuyintokozo kuyena ukuthi uze wakwazi ukufeza iphupho lakhe lokuthi aqede ukwenza i-DVD yakhe.

Uthe: “Umsebenzi wale DVD uqale enyangeni uNcwaba [August] kuwona lonyaka, size saqeda kuqala inyanga uLwezi [November],” kusho uMnuz Hlongwa.

Uqhube wathi ubonga umusa namandla kaNkulunkulu ngoba ubengeke alifeze leli phupho ngamandla akhe kuphela.

UMnuz Hlongwa uthe: “Umsebenzi wokwenza le DVD ubunzima kakhulu kodwa ngenxa kaNkulunkulu iphupho lami lifezekile. Ngiyazi ukuthi abalandeli bami kudala beyilindele le DVD,” kusho yena.

Eqhuba, uthe enye yezingoma etholakala kule DVD isihloko sayo esithi: ‘Wazibonakalisa’ ingubufakazi bendlela uNkulunkulu abe naye ngenkathi enza le DVD.

Uthe ubonga nemithandazo yabantu akhonza nabo, abefundisi kanye nabalandeli bakhe.

Uthe: “Ngithanda nokubonga bonke abantu abangisingathe ngemithandazo ngoba iyona enginikeze amandla okuthi ngiqhubekele phambili,” kusho uMnuz Hlongwa.

Uqhube wathi imali yokwenza le DVD ibivela ephaketheni lakhe kanti futhi kukhona nabanye abantu abasondelene naye abekade bemulekelela.

Uthe ukhethe ukuthi le DVD yenzelwe KwaDukuza ngoba indawo ahlala kuyona futhi yikhona lapho okugcwele abalandeli bakhe.

Uqhube wathi esinye isizathu sokuthi akhethe ukuthi ayenzele laKwaDukuza i-DVD yakhe ukuthi ubefuna ukuthi kubonakale ukuthi indawo yaKwaDukuza indawo enhle.

UMnuz Hlongwa uthe: “Bengifuna ukuthi umphakathi ubone ukuthi indawo yaKwaDukuza indawo enhle. Futhi bengifuna ukuthi abalandeli bami bezizwe beyingxenye yale DVD njengoba iningi labo lihlala khona la,” kusho yena.

Uqhube wathi isizathu sokuthi akhethe ukwenza i-DVD ukuthi ubefisa ukuthi abalandeli bakhe bezibonele into esuka ngaphakathi kuyena.

Uthe: “Umculo wami ngiyazibhalela, onke amaculo ami akhuluma ngento esuka ngaphakathi kumina, yingakho ngathatha isinqumo sokwenza le DVD ngoba bengifisa ukuthi abalandeli bami bebone lento esuka ngaphakathi kimina,” kusho uMnuz Hlongwa.

Uthe usebenzisane noMnuz Vusi Mthembu ohlanganise i-DVD kanye nabaculi uMnuz Dumisani Hlombe, uMnuz Zamokwakhe Mkhize, uNksz Khanyi Msane, uNksz Thuli Mthethwa kanye noNksz Mabongi Gumede.

UMnuz Hlongwa uthe: “Ngithanda ukubonga bonke abantu engisebenzisane nabo kule DVD. Ngifisa nokubonga uMfundisi Eugene Mathonsi ongisize kakhulu ngoba enye yezingoma etholakala kule DVD yenzelwa esontweni lakhe,” kusho yena.

Uqhube wathi i-DVD yakhe itholakala kuyena okwa manje. Ungaxhumana naye uMnuz Hlongwa enobolweni ethi 081 899 2784 noma uye kwa-Morkels, KwaDukuza edolobheni. Ibiza imali engu-R90.

Uthe ufisa ukubonga abalandeli bakhe ngoba ngaphandle kwabo ngabe umculo wakhe awusiyona impumelelo. Uqhube ngokubonga abantu asebenza nabo kwa-BMA Group abachaze njengo mndeni.

Uthe: “Abalandeli bami ngibathembisa ulozolo we-album entsha engiphezukwayo njenga manje. Kulindeleke ukuthi izophuma ngonyaka ozayo,” kusho yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.