Uzofihlwa okusolwa ukuthi wabulawa yisoka lakhe

2016-09-07 06:00
UNksz Zanele Florence Nxumalo uzobekwa endlini yakhe yokugcina kuleli Sonto endaweni yaseNsikeni, enduneni KwaNodunga. x

UNksz Zanele Florence Nxumalo uzobekwa endlini yakhe yokugcina kuleli Sonto endaweni yaseNsikeni, enduneni KwaNodunga. x

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNGCWABO kaNksz Zanele Florence Nxumalo, okusolwa ukuthi wabulawa yisithandwa sakhe ngonyaka ofile, uzoba ngeSonto ngomhlaka 11 kuMandulo (September) endaweni yaseNsikeni, enduneni KwaNodunga, kusho ubaba wakhe uMnuz Joseph Nxumalo.

UNksz Nxumalo waduka ngenyanga kaMfumfu (October) ngonyaka odlule kanti owayesolelwa ukuthi umbulele, owesilisa oneminyake engu-31, waboshwa ngomhlaka 28 kuMasingana (January) kuwona lo nyaka.

Ubaba kaZanele uthe kuthathe isikhathi eside kanje ukuthi indodakazi yakhe ibekwe endlini yayo yokugcina ngoba isidumbu sayo sasishisiwe okwenza ukuthi kube nzima futhi kuthathe isikhathi eside ukuqinisekisa ukuthi uyena ngempela.

Uthe: “Umndeni wonke ubukhathazekile kakhulu njengoba indodakazi yethu ibingakafihlwa kodwa njengoba ngeledlule kuqinisekisiwe ukuthi isidumbu esakhe ngempela, njengo mndeni sithole ukuthula ngoba sesizokwazi ukuyobeka ithambo lakhe ekhaya lakhe lokugcina,” kusho uMnuz Nxumalo.

Uqhube wathi kulindeleke ukuthi umsolwa uzovela enkantolo ephakeme ngomhlaka 25 kuLwezi (November) 2016.

Umsolwa, owase Sakhamkhanya, wavele enkantolo yeMantshi yaKwaDukuza ngenyanga kaMasingana (January) kuwona lo nyaka emva kokuboshwa ngomhlaka 28 ngawo uMasingana.

Kusolwa ukuthi inkulumo mpikiswano phakathi kuka msolwa nentombi yakhe, uNksz Zanele Florence Nxumalo, yaphetha ngokuthi kuphume isidumbu sika Nksz Nxumalo.

Kusolaka ukuthi umsolwa wabeseyasishisa isidumbu sika mufi ngemuva kwalokho wasifihla emphongolweni.
Kusolaka ukuthi ngokuhamba kwesikhathi umsolwa wabe eseyosilahla endlini yangasese isidumbu sika mufi.

Isidumbu sika Nksz Nxumalo satholaka endlini yangasese ngenkathi amaphoyisa enza uphenyo.

Kanti uNksz Nxumalo wayekade egcine ukuba sekhaya ngomhlaka 21 kuMfumfu (October), ngonyaka odlule.

UBaba kaNksz Nxumalo, uMnuz Joseph Nxumalo uthe indodakazi yakhe yayihambe ekhaya ithe iyovakashela isoka layo endaweni yaseSakhamkhanya.

UMnuz Nxumalo uqhube wathi ngesonto elilandelayo, ngomhlaka 27 kuMfumfu 2015, isoka le ndodakazi yakhe lafona lithi lifuna ukukhuluma noNksz Nxumalo, kodwa amalungu omndeni alitshela ukuthi ubengakaze abuye ekhaya, bona njengo mndeni bebazi ukuthi uNksz Nxumalo usahlezi nalo isoka.

Ngokusho kuka Mnuz Nxumalo isoka lase libikela umndeni ukuthi uNksz Nxumalo wahamba ngomhlaka 25 kuMfumfu 2015 esuka kulona ethi ubuyela ekhaya.

Ngomhlaka 29 kuMfumfu 2015 ubaba kaNksz Nxumalo wabikela amaphoyisa aKwaDukuza ngokulahleka kwendodakazi yakhe.
UMnuz Nxumalo uthe amalungu omphakathi amukelekile ukuhambela ukufihlwa kwendodakazi yakhe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.