News24

Abavukuzi babhajwe emathunjini omhlaba eZim

2012-05-22 16:25

Harare - Inqwaba yabavukuzi ivaleleke emathunjini omhlaba emayini ye-platinum eningizimu neZimbabwe kulandela ukuqubuka komlilo, kusho abanikazi bemayini nabaholi benyunyana.

I-Implats ne-Aquarius Platinum, nabangabanikazi ngokuhlanganyela bemayini iMimosa esedolobheni elincane iZvishavane, bayiqinisekisile le ngozi eyenzeke ebusuku.

Le nkampani ithe bebengu-75 abasebenzi abasemathunjini omhlaba, kodwa izinyunyana zithi bebengu-85.

"Akukabikwa msebenzi olimele," kusho le nkampani esitatimendeni.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter