News24

Abesifazane bathwele kanzima eMali - UN

2012-10-11 07:29

New York - Ondlovukayiphikiswa abaphoqelela imithetho yobu-Islam eMali bahlukumeza amalungelo abantu, ikakhulukazi awabesifazane, bakhokhele nemindeni ngokuthatha izingane ukuba yizoba ngamavukelambuso, kusho isikhulu se-United Nations ngoLwesithathu.

Isekela likaNobhala Jikelele we-UN kwezamalungelo abantu u-Ivan Simonovic uthe amavukelambuso - okubalwa nenhlangano yamaphekulazikhuni i-al-Qaeda - enyakatho neMali "athenga ukuthenjwa" njengoba efumbathisa abazali bezingane eziyolwiswa impi.

Izinkinga zaqala ngoMashi eMali ngesikhathi amasosha eketula umengameli.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter