News24

Amabhonasi aqubule imibhikisho eKenya

2012-10-09 14:01

Nairobi - Ababhikishi bamashele enhlokodolobha yaseKenya ngoLwesibili ngemuva kokuba amalungu ephalamende evotele ukuthola imihlomulo ka-$110,000, kanti kulindeleke ukuba ukunyuka kwentela kube yikho okukhekhela le mihlomulo.

Lesi siphakamiso – esizodla izwe u-$24.7 million – size ngemuva kokuba iPhalamende lichithe izimfuno zabasebenzi bakahulumeni abebebhikisha, okuhlanganisa othisha nodokotela, zokukhushulelwa amaholo.

"Kungubuduphunga ukuthi amalungu ePhalamende azihlomulise ngemali engaka,” kusho uMorris Odhiambo, ebenesandla ekuhlelweni kwemashi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter