News24

Amasosha abulale 5 eNigeria

2012-12-28 14:33

Kaduna - Amasosha aseNigeria abulale abantu abayishlanu abasolwa ngokuba yizihonga ashaqa izibhamu neziqhumane edolobheni elisenyakatho iKaduna, kusho umbutho wezempi ngoLwesihlanu.

Okhulumela umbutho uColonel Sani Usman uthe kuphinde kwalimala amalungu amabili okusolakala ukuthi ngaweBoko Haram kulokhu kuhlasela.

"Sithe sifika ngasefemini kwakhona abavulela ngenhlamvu, amasosha aphikelela khona athola iziqhumane."

Amasosha abe esecekela phansi ifemu okwakhiwa kuyona iziqhumane, athatha izibhamu neziqhumane nezinye izinsiza zokwenza iziqhumane.




 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter