News24

Amavukelambuso abulale 18 eNigeria

2013-01-23 07:28

Maduguri - Oshayasibhamu okusolakala ukuthi bangamaSulumane bavulele ngenhlamvu ezakhamuzini enyakatho mpumalanga neNigeria, kwashona abantu abangu-18, kulandisa uhulumeni wendawo ngoLwesibili.

Lokhu kuhlasela okwenzeke ebusuku ngoMsombuluko kuthiwa bekubhekiswe kubazingeli baseDamboa abadayisa inyama yezinkawu nezingulube, nengavunyelwe ukuba idliwe ngamaSulumane.

“Oshayasibhamu okusolakala ukuthi bangabeBoko Haram badubule kwasala abazingeli abangu-13 enkundleni kwathi abanye abayisihlanu bashonela esibhedlela," kusho okhulumela uhulumeni wendawo u-Alhaji Abba Ahmed.



 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter