News24

Babuyela ejokeni othisha eKenya

2012-09-24 15:03

Nairobi - Othisha baseKenya sebezobuyela ezikoleni kulandela isiteleka samasonto amathathu ngemuva kokuthi uhulumeni evumile ukubanyusela amaholo, kusho izikhulu ngoMsombuluko.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uthe kulindeleke ukuba zivulwe izikole ngoLwesibili, kuphindele emakilasini abafundi abangu-11 million abafunda ezikoleni zikahulumeni.

Ayikhishwanga imininingwane ngezinombolo eziqondile ekuzonyuswa ngazo amaholo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter