News24

Badedelwe ekade bethunjwe eSomalia

2012-04-12 16:29

Copenhagen - Amasosha aseDenmark asebenza emanzini asekwaze ukunqanda umkhumbi obuthunjwa ogwini lwaseSomali, kwakhululwa abantu abangu-12 base-Iran nasePakistani, kwaboshwa abathumbi abangu-16.

"Amasosha aseDenmark abambe izigilamkhuba ziphakathi olwandle. Kumanje bangu-16 ababoshiwe, abantu abangu 12 bahlengiwe,"  kusho isitatimende esikhishwe emasosheni.

Akekho umuntu limalile ngalesi sikhathi, ukuboshwa kwalaba kuthiwa kuphumeleliswe wukusebenzisana.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).