News24

Bathukile ngoqashelwe ukubulala abagwetshiwe

2013-02-08 16:18

Harare - Inhlangano yamalungelo iRights Group Amnesty International izwakalise ukwesaba ithi iZimbabwe isizoqala phansi futhi ibulale abagwetshwe intambo.

Lokhu kuza ngemuva kokuqashwa komuntu ozosebenza ukulengisa abagwetshiwe.

"Kuyasikhathaza lokhu kuqashwa kozolengisa abantu, kukhomba ukuthi iZimbabwe ayifuni ukuyeka umkhuba wokulengiswa kwabantu," kusho umqondisi enhlanganweni uNoel Kututwa.

Umlisa lona uqashwe ngemuva kweminyaka eyisikhombisa kwashiya esikhundleni, loyo obenza lo msebenzi.

Okungenani bangu-76 abantu baseZimbabwe abalindele ukuthi bagwetshwa intambo, ababili kubo ngabantu besifazane.

Ukulengiswa kwabantu kwagcina ngo-2005 ngesikhathi u-hangman (okuyigama ekubizwa ngalo oqhuba lomsebenzi) ethatha umhlalaphansi.

Umthetho uyala ukuthi bagwetshwe intambo abantu abaneminyaka engaphansi kwengu-21 ubudlala, kanjalo nalabo abaneminyaka engaphezu kwengu-70 ubudala.






 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Comments
  • Loyiso007 - 2013-02-08 16:30

    And remember it's only those who are against Robert Mugabe that will be hanged... The followers of Tsvangarai will be hanged, how cruel is Zimbabwe?

  • pages:
  • 1