News24

Eminye imizamo yokumisa umshado kaTsvangirai

2012-09-14 08:03

Harare - Sekuqubuke esinye isiphithiphithi ngomshado kaNdunankulu waseZimbabwe uMorgan Tsvangirai, njengoba owesifazane waseNingizimu Afrika ethi nguye ingoduso yangempela.

UNosipho Regina Shulubane ufake amaphepha enkantolo ngemizamo yokuvimba umshado okumele ube ngoMgqibelo, njengoba ekhala ngokuthi uTsvangirai wathembisa ukumshada.

“Sisathandana kakhulu nje ngakho ngeke ngikwazi ukumvumela ashade omunye umuntu," kusho uShulubane emaphepheni asenkantolo.

“NgoFebhuwari 2011, uMorgan wacela ukuba ngimshade wathi umshado wethu uyoba seZimbambwe."

Imizamo yokumisa umshado kaLocardia Karimatsenga Tembo, naye othi kumele engabe nguye oshada noTsvangirai, ibhuntshile.

UTsvangirai ushadelwa ngu-Elizabeth Macheka ngoMgqibelo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter