News24

IRwanda isola iDRC ngokuhlasela

2012-11-20 10:00

Goma - Amasosha aseDemocratic Republic of Congo ahlela ukuzivikela kulandela izinsolo ezithi alekelele amavukelambuso aseRwanda, abhombe idolobha iGoma.

"Amasosha aseDRC aqhumise ngebhomu eRwanda," kusho uGeneral Joseph Nzabamwita, etshela abezindaba ze-AFP, wathi abahlaseli baqhumise ngebhomu izindawo eziseduze nesikhumulo sezindiza eGisenyi, okuyindawo ebuqamamana nomngcele.

UNzabamwita uqhubeke wathi amasosha aseDRC aphinde adubula emoyeni ngasentabeni iMount Rubavu, uthe kulokhu kuhlasela kushone abantu ababili kwalimala abanye abayisikhombisa.

Abantu abalimele bangeniswe esibhedlela eGisenyi, kuthiwa isibalo sabalimele kungenzeka sikhule uma kubhekwa nabasemitholampilo esezindaweni zomphakathi.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).