News24

Impi isabambene eMali

2013-02-04 07:32

Paris/Bamako - Amabhanoyi empi aseFrance ahlasele emoyeni ezinkambini zamavukelambuso amaSulumane enyakatho neMali, kulandela usuku kutheleke uMengameli waseFrance uFrancois Hollande, nothole izincomo ngegalelao lakhe.

UThierry Burkhard, okhulumela umbutho wezempi waseFrance, uthe lokhu kuhlasela bekubhekiswe ezizindeni zokuqeqeshela ezisetshenziswa ngamavukelambuso adlelana ne-al-Qaeda.

“Bekubalulekile ukuthi sikwenze,” kusho uBurkhard etshela abeReuters.

Izwe laseMali libhekene nempi yamavukelambuso ankanise enyakatho nezwe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter