News24

Isigwebo sentambo emaphoyiseni abulala

2012-12-20 07:47

Nairobi - Inkantolo yaseKenya ikhiphe isigwebo sentambo emaphoyiseni ayisithupha atholakala enecala lokubulala osomatekisi abayisikhombisa ngesikhathi kunodlame ngo-2010.

UJaji Fred Ochieng uthe amaphoyisa asebenzisa isihluku esingamukelekile ngesikhathi edubula abashayeli ngezinhlamvu ezingu-61 eNairobi.

Amaphoyisa athi labo somatekisi babeyingxenye yesigejana sezigebengu esaziwa ngeMungiki.

Abazibonela kwenzeka lokhu bathi usomatekisi ngesikhathi bebulawa babengahlomile kanti futhi abazamanga ukulwisana namaphoyisa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Comments
  • sifiso.mduduzithabethe - 2012-12-20 08:34

    Azibulawe lezinja thina sith bayasivikela bt yibo ababulalayo kill dem dogz

  • pages:
  • 1