News24

Iyasolisa ekaTsvangirai - Umbiko

2012-11-02 10:32

Harare - UNdunankulu waseZimbabwe uMorgan Tsvangirai uvumile ukukhokhela lowo owayeyintombi yakhe u-R2 million esivumelwaneni esingayibandakanyi inkantolo ngemuva kokushada nomunye wesifazane ngoSepthemba.

ULocardia Karimatsenga, 40, uthe uTsvangirai, 60, wamshada ngokwesintu ngonyaka odlule.

Ube esenxenxa ukuthi uTvsangirai amukhokhele u-R130 000 ngenyanga ukuze ezokwazi ukuqhubeka nempilo aseyijwayele.

Ummeli wakhe u-Evason Samkange, uthe ngeke akwazi ukudalula imininingwane yalesi sivumelwano, kodwa waqinisekisa ukuthi icala selihoxisiwe.

Amanye amalungu eMDC aveze ukuthi uTsvngirai uzibeka engcupheni ngendlela aziphethe ngayo njengoba kubhekwe okhethweni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter