News24

Izidubedube zibulale 38 eKenya

2012-09-10 15:18

Nairobi - Inhlangano iRed Cross ithi ukulwa okuqhubekayo phakathi kwezizwe ezimbili eKenya kuyadlondlobala ngoMsombuluko, njengoba sekubulawe abantu abangu-38, kuhlanganisa namaphoyisa ayisishiyagalolunye.

UNobhala Jikelele weRed Cross eKenya u-Abbas Gullet ngoMsombuluko uthe kulokhu kuhlasela okubonakale kukhona abantu abangaphezulu kuka-300 besizwe samaPokomo behlasela esama-Orma esigodini sabo.

Phakathi kwabashonile bekukhona  nezingane eziyisishiyagalombili. 

Abahlaseli bacekele phansi izindlu ezingu-167.

UGullet uthe nakuba lezi zizwe ezimbili zijwayele ukulwa zibanga amanzi nomhlaba, lolu dlame  kungenzeka ukuba olwepolitiki.

NgoLwesihlanu angu-11 amalungu esizwe samaPokomo abulawe amalungu omphakathi wase-Orma ngesikhathi eziphindiselela.

Phambilini amaPokomo abulale amalungu esizwe sama-Orma angu-52.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter