News24

Izikhukhula zibulale 30 eMozambique

2013-02-12 07:30

Maputo - Kushone abantu abangu-30 ezikhukhuleni kulezi zinsuku ezimbalwa ezedlule, enyakatho neMozambique, kusho izikhulu zendawo.

U-Amancio Nhantumbo weMozambique National Disaster Management Institute (INGC) uthe ukushona kwabantu kwenzeke esifundazweni iNampula kanti kudalwe kakhulu "ukugwiliza, isifo sohudo nombani".

Zibalelwa ku-2 000 izindlu ezicekeleke phansi kuleya ndawo,kusho i-INGC, kanti izinkulungwane zabantu zikhosele ezindaweni zesikhashana.

Eningizimu neMozambique, izikhukhula zibulale abantu abangu-105 kwathi abangu-150 000 basala dengwane kulezi zikhukhula ezaqala ngo-Okthoba.

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter