News24

Kuboshwe ekade 'beqhuba indelelo' eZimbabwe

2013-02-13 16:28

Harare - Amaphoyisa aseZimbabwe abophe abantu abayisikhombisa abadabuka eFrance, ekuthiwa bebeqhuba ukuba luhlaza.

Laba baboshwe besesiqhingini esithandwa kakhulu yizivakashi iVictoria Falls, kuthiwa bangene ngenkani esiqiwini banqaba ukukhokha isamba ebesifuneka esingu-$15.

Bonke baseminyakeni yobudala ephakathi kuka-55 no-66.

"Bebekuhlaza ngendlela engachazeki, sebeboshiwe bazame ukubaleka kodwa babanjwa,” kusho isikhulu samaphoyisa uJairos Chiona.

"Bebenqaba ukukhokha eZambezi National Park."

UChiona uthi laba bangene ngomgcele waseBotshwana, babanjwa ngamaphoyisa agadayo.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).