News24

Kubulawe 5 wamaphoyisa eNigeria

2013-02-01 07:41

Kano - Oshayasibhamu babulale okungenani amaphoyisa ayisihlanu ezigamekweni ezimbili zokuhlasela enyakatho neNigeria, nokuletha ungabazane ngokubekwa phansi kwezikhali.

Babalelwa ku-60 oshayasibhamu baseBirnin Gwari, eKaduna, abahlasele amaphoyisa enkambini yawo kwahlaselwa i-Ecobank neFirst Bank.

Kwesinye isigameko eKano, abasolwa abangamaSulumane baqhumise ngebhomu isiteshi samaphoyisa eBunkure, sasha sasala singumlotha.

UKhomishana wamaPhoyisa eKaduna u-Olufemi Adenaike, uthe kushone nesinye isakhamuzi kulokhu kuhlasela.

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter