News24

Kubulawe abangu-20 kuliwa eS Sudan

2012-11-21 12:02

Juba - Amasosha aseSouth Sudan ahlasele isizinda samavukelambuso odlameni lwakamuva edolobheni iJonglei, kwashona okungenani amavukelambuso angu-19 nesosha elilodwa, kusho izikhulu ngoLwesithathu.

Amasosha anqume ukuhlasela isidleke samavukelambuso angaphansi komkhuzi uDavid Yau Yau ngoMsombuluko.

"Kube nokudubula emoyeni kwajikijelwa neziqhumane," kusho okhulumela umbutho wezempi uPhilip Aguer.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter