News24

Kucekelwe phansi ifemu yamabhomu

2012-12-28 08:16

Kaduna - Umbutho wezempi eNigeria uthi amasosha abulale abantu abayisihlanu abasolwa ngokuba ngabashokobezi ase ecekela phansi ifemu yokwakha amabhomu eKaduna nalapho kubusa khona iBoko Haram.

IKaduna, negcwele kakhulu amaSulumane, kade yaqala ukuhlaselwa yiBoko Haram.

"Athe eqhamuka amasosha kwakhona abavulela ngenhlamvu," kusho okhulumela umbutho uSani Kukasheka Usman esitatimendeni.

"Impi yezulu lezandla igcine ngokuthi kufe abashokobezi abayisihlanu kwathi ababili balimala."


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter