News24

Kudutshulwe ababhikishi eGibhithe

2013-01-01 09:06

Cairo - Abezokuphepha eGibhithe bathi oshayasibhamu abakade bezifihle ubuso bavulele ngenhlamvu bebhekise kubabhikishi abamelene nohulumeni, kwalimala kambi izishoshovu ezimbili.

Oshayasibhamu kuthiwa baphinde bahlasela izimoto ekade zipake maduzane nezindlu zenxusa laseMelika.

Isikhulu esingathandanga ukudalulwa njengoba singagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, sithe amaMelikana kumele athi ukukugwema ukuhambela eTahrir Square, enhlokodolobha eCairo, kuze kuba kuphela imibungazo yonyaka omusha.

Ababhikishi balwisana nomthetho kaMengameli uMohammed Morsi, abathi uvuna abenkolo yamaSulumane.
 



 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).