News24

Kugwetshwe-76 eGibhithe

2012-08-27 12:03

Cairo - Inkantolo yaseCairo isigwebe abantu abangu-76 baseGibhithe abatholakale ukuthi bayathinteka ekuhlaselweni kwekomkhulu lakwa-Israeli okwenzeka ngonyaka odlule.

Abangu-75 kulaba banikwe isigwebo esingunyaka sase silengiswa, oyedwa obengavelanga enkantolo ugwetshwe iminyaka emihlanu ebhadla ejele.

Ngenyanga kaSephthemba ababhikishi abayizinkulungwane bahlasela ekomkhulu lakwa-Israyeli badicilela phansi amahhovisi.

Amasosha akwa-Israyeli aphindisela kwashona amasosha aseGibhithe ayisithupha.
 


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).