News24

Kugxekwe isigwebo samaphoyisa eKenya

2012-12-20 14:32

Nairobi - Inhlangano elwela amalungelo abantu igxeke isigwebo sentambo esinikezwe amaphoyisa ayisithupha aseKenya alahlwa yicala lokubulala osomatekisi yacela uhulumeni ukuba asintshe le mithetho yezwe ehambisana nalesi sigwebo.

UJustus Nyang'aya, nohola i-Amnesty International eKenya, uthe kungenzeka ukuthi la maphoyisa angabulawa njengoba lesi sigwebo singakaze sisetshenziswe kusukela ngo-1987.

"Asiseseki isigwebo sentambo, ngakho sincenga uhulumeni waseKenya ukuba usiyeke," esho.

UJaji Fred Ochieng uthe amaphoyisa asebenzisa isihluku esingamukelekile ngesikhathi edubula abashayeli ngezinhlamvu ezingu-61 eNairobi.

Amaphoyisa athi labo somatekisi babeyingxenye yesigejana sezigebengu esaziwa ngeMungiki.

Abazibonela kwenzeka lokhu bathi usomatekisi ngesikhathi bebulawa babengahlomile kanti futhi abazamanga ukulwisana namaphoyisa.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter