News24

Kumele ukhetho lwaseKenya lube nokuthula - EU

2013-01-24 14:08

Nairobi - Inhloko yezingqapheli zokhetho ngaphansi kwe-European Union ithi kumele kube nokuthula uma sekuvotwa eKenya, ngenyanga kaMashi.

Izingqapheli zithi kumele kugwenywe lokhu okwabonakala ngemuva kokhetho lwangoDisemba 2007.

Okungenani abantu abangu-1 000 bashona kwathi abanye abalinganiselwa ku-600 000, basala dengwane.

I-United Nations ihlawumbisela ukuthi bangu-450 abantu ababulawa ngasekuqaleni kuka-2012, ngesikhathi kuqubuka izimpi zobuhlanga kanye nezombusazwe.

U-Alojz Peterle, oyisikhulu se-EU nowabe enguNdunankulu waseSlovenia, uthi bazothumela izingqapheli ezingu-70, kuze kuzoqinisekiswa ukuthi ukhetho luhamba ngendlela.

Abe-Independent Electoral and Boundaries Commission (IEBC), eKenya, babhekene nengcindezi enkulu, kuqhuba uPeterle.

"Sifuna ukhetho luhambe ngendlela, lube nokuthula nomoya wobunye."




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).