News24

Kuqubuke okunye ukulwa eGoma

2012-11-20 07:32

Accra - Kuqubuke izibhelu eGoma ngoMsombuluko, ngasemngceleni weDemocratic Republic of Congo neRwanda, ngokusho kwabazibonele kanye nabezindaba.

“Sizwe ukuqhuma kwamabhomu nezibhamu,” kusho u-Aimee Manimani wenhlangano iWorld Vision.

“Liphinde lanyuka izinga lokulwa," esho.

Ngokombiko womsakazo ozinze eKinshasa, iRadio Okapi, kube nokuqhuma kwesibhamu ngasesikhumulweni sezindiza eGoma.

Lokhu kulwa kuphakathi kwamavukelambuso eM23 nombutho wezokuvikela wezwe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter