News24

Kuqubuke udlame olusha eKenya

2012-09-11 11:01

Nairobi - Amadoda esigodi esithile aqale phansi aphehla udlame ngokuhlasela okusha eningizimu mpumalanga neKenya ngaseTana River ngoLwesibili, eshisa imizi ebulala amaphoyisa okungenani amathathu, kusho umthombo wamaphoyisa.

"Kubulawe abantu abathathu kwathi abayisithupha balimala kanzima," kusho isikhulu samaphoyisa sitshela abe-AFP.

Isikhulu samaphoyisa esifundeni u-Aggrey Adoli uthi iqulu lamadoda abehlome ayizingovolo angqongqise imizi ase anethisa ngenhlamvu.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter