News24

Kushone 13 engozini yebhasi eKenya

2012-05-31 14:02

Nairobi - Babalelwa okungenani ku-13 abantu abashonile ngesikhathi kwehla ingozi yebhasi eRift Valley, eKenya, kwalimala inqwaba, kusho inhlangano enikela ngosizo iRed Cross ngoLwesine.

Umshayeli uhlulekile ukulilawula ngesikhathi ethatha ijika ngaseKamatira Forest Reserve ngoLwesithathu.

Leli bhasi lishaye isigiqi lase liyagingqika emhosheni.

AbeRed Cross bathi sebehlenge abantu abangu-65 manje njengoba abanye besabhajwe ngaphakathi ebhasini.

Omunye wabasindile, uGeorge Owino, usole umshayeli ngokuhamba ngesivinini esiphezulu kakhulu.

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter