News24

Kushone 33 engozini eSudan

2012-12-20 12:18

Khartoum - Kushone abantu abangu-33 kwathi abangu-24 balimala ngesikhathi kushayisana amabhasi amabili eSudan ebusuku ngoLwesithathu, nokuyingozi yomgwaqo engakaze yabonwa ezweni eminyakeni eminingi eyedlule.

Le ngozi yenzeke phakathi kwebhasi ebelithwele abagibeli nelinye elincane ngase-El Kamlien.

"Ibhasi elincane lizame ukudlula enye imoto ngesikhathi lizithela phezu kwelinye," kusho isitatimende samaphoyisa.

Kuthiwa izingozi zamabhasi zivamile eSudan ngenxa yokuntula kwekhono lokushayela.



 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter