News24

Kushone 33 engozini yomgwaqo eDRC

2011-10-31 14:52

Kinshasa - Umshayeli weloli obecwile ezinkambeni zikaFaro nobeyisa abantu emhlanganweni womkhankaso wokhetho eDRC ushayise isihlahla sikamango, kwashona abantu abangu-33.

Le ngozi yenzeke ngaseLikasi eDemocratic Republic of Congo, nalapho la bantu bebelindeleke ukuthi bahambele umhlangano omayelana nokhetho lwangoNovemba 28.

"Kushone abangu-33. Abangu-32 bashonele endaweni yesigameko kwathi oyedwa washonela endleleni eya esibhedlela," kusho isikhulu soMnyango wezangaPhakathi uJean-Marie Dikanga Kazadi.

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter