News24

Kushone 7 kuhlaselwa ithempeli eKenya

2013-02-21 14:02

Nairobi - Isikhulu saseKenya zithi oshayasibhamu bavulele ngenhlamvu ethempelini elisempumalanga neKenya, kwashona abantu abayisikhombisa.

UMaalim Mohammed, nongukhomishana wamaphoyisa eKenya, eGarissa, uthe oshayasibhamu abayisishiyagalombili abebephethe ama-AK-47 badubule ethempelini eliseMalele.

UMohamed uthe imbangela yalokhu kuhlasela ayicaci.

I-al-Shabab eSomalia yathembisa ngokuhlasela eKenya iziphendulela ngesenzo seKenya sokuthumela amaphoyisa eSomalia ngo-2011.

Lokhu kuhlasela kwangoLwesine kuza sekusele isikhathi esingaphansi kwamasonto amabili iKenya ibe nokhetho lukazwelonke.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter