News24

Kushone amasosha eNigeria

2013-01-21 07:30

Lagos - Kushone amasosha amabili kwathi ayisihlanu alimala ngesikhathi kuqhuma ibhomu e-Okene, eNigeria, kanti ingxenye yawo bekumele atshalwe eMali, kusho okhulumela umbutho.

“Silahlekelwe ngamasosha amabili kwathi amahlanu alimala ngesikhathi kutshalwa isiqhumane endleleni yawo eshaya izimoto abehamba ngazo," kusho uMajor General Bola Koleoso etshela i-AFP.

UKoleoso uthe la masosha abelungiselela ukuyofaka isandla eMali njengoba amavukelambuso edla lubi.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter