News24

Kuthungathwa indiza yakuleli eMoz

2012-11-01 07:42

Maputo - Kuyaqhubeka ukufunwa kwendiza encane yakuleli egcine ukuzwakala kuthiwa iseMozambique, njangoba eshabalala amathemba okuthola abebephakathi bephila.

“Le ndiza ilahleke ngeSonto kwaqalwa ngokushesha ukuyithungatha,” kusho uJonny Smith, nokhulumela inkampani yezokutakula ezinze eGoli, i-Aeronautical Search and Rescue.

Le ndiza - iBeechcraft 58 - ibinabantu ababili, kanti ibisuka eMalawi iya eLanseria Airport, enyakatho neGoli.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter