News24

UBozize uxoshe undunankulu

2013-01-14 07:26

Bangui - UMengameli waseCentral African Republic uFrancois Bozize usefake amasondo undunankulu, nobekungenye yemibandela yesivumelwano soxolo esisayinwe ngesonto eledlule namavukelambuso.

Kulesi sivumelwano esasayinwa namavukelambuso eSeleka ayalela uBozize ukuba aqede nya ngohulumeni wakhe ukuze kuzobunjwa ozohlanganisa isizwe, nozoholwa ngundunankulu ozoqokwa yiqembu eliphikisayo.

UNdunankulu uFaustin Archange Touadera uxoshwe ngoMgqibelo, kanti omusha obengakaqokwa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter