News24

UClinton unxusa iSudan ukuba ibuyisane

2012-08-03 10:04

Kampala - UNobhala woMbuso eMelika uHillary Clinton uzobalula kakhulu ukukhathazeka kweWashington ngezinxushunxushu phakathi kweSudan neSouth Sudan uma esehambele kuleli lizwe elinonyaka ubudala ngoLwesihlanu.

Emuva kokuchitha ubusuku e-Uganda, uClinton kulindeleke ukuba abhekise amabombo enhlokodolobha yeSouth Sudan, iJuba, nongumholi wokuqala onohlonze eMelika ukuhambela leliya lizwe elathola uzimelegeqe ngoJulayi 2011.

UClinton kulindeleke alumane indlebe noMengameli uSalva Kiir.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter