News24

UMorsi uxoshwe umshushisi omkhulu

2012-11-23 07:30

Cairo - UMengameli wase-Egypt uMohamed Morsi uxoshe u-Abdel Maguid Mahmoud, nongumshushisi, njengomnyakazo wokulalela umphakathi othi akukhishwe izikhulu ezawuhlukumeza ngesikhathi kuvukelwa umbuso ngonyaka ofile.

UMorsi wazama ukuxosha u-Maguid Mahmoud ngo-Okthoba ukuzama ukwehlisa ukuthukuthela kubabhikishi kulandela ukuhoxiswa kwenqwaba yamacala ayebhekene nezikhulu kulandela ukuketulwa kukaHosni Mubarak.

UTalat Abdullah uqokwe njengomshushisi omusha.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter