News24

UMubarak ulimale kabi

2012-12-28 12:38

Cairo - Umengameli owakhishwa ngendluzula uHosni Mubarak kuthiwa unoketshezi emaphashini nezimbambo eziphukile, kusho iMENA News Agency kulandela ukungeniswa esibhedlela sombutho wezempi.

Umshushisi wombuso uyalele ukuba uMubarak ayiswe kulesi sibhedlela ngoLwesine ngemuva kokushintsha kwesimo sakhe sezempilo, kulandela ukulimala ngesikhathi ewa egumbini lokugezela ejele ngesonto eledlule.

I-MENA ibike ukuthi ukwenziwa kwama-x-rays kutshengise ukuthi uMubarak ulimale kabi ezimbanjeni kanti nasemaphashini kunoketshezi olungaqondakali.

UMubarak wagwetshwa udilikajele ngeqhaza aba nalo ekubulaweni kwabantu ngesikhathi kuvukelwa umbuso.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter