News24

Uhulumeni uzama ukubuyisa othunjwe eMali

2012-11-15 14:02

Johannesburg - Uhulumeni waseNingizimu Afrika wenza konke okusemandleni ukuzama ukuthi kudedelwe uStephen McGowan, owathunjwa yizidlamlilo ezidlelana neqembu i-al-Qaeda, eMali, kusukela ngo-2011.

IPhini likaNgqongqoshe woMnyango wezangaPhandle u-Ebrahim Ebrahim uthi akukacaci noma ukudedelwa kuka-Abu Qatada, obeboshwe eBrithani, kungasiza yini ekutheni kudedelwe noMcGowan.

Kukholakala ukuthi izidlamilo ze-al-Qaeda yizo ezithumbe uMcGowan, kanti omunye onobuzwe baseSweden naseDutch, owabanjwa kanye naye, yena wadutshulwa wabulawa ngesikhathi egoloza.

Ukuthumba lokhu kwenzeka ngenyanga kaNovemba ngonyaka ofile.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).