News24

Umsolwa uthi wadla izicubu zikamufi

2012-06-01 08:55

Baltimore - Umfundi oneminyaka engu-21 ubudala obhekene necala lokubulala uzakwabo, utshele amaphoyisa wathi wadla ingqondo nenhliziyo kazakwabo ambulala, kusho imibiko yabezindaba eKenya.

U-Alexander Kinyua ongumfundi eNyuvesi iMorgan State kuthiwa wafihla ikhanda nezingalo zikamufi ekhaya kubo.

Waboshwa ngemuva kokushaywa komunye umuntu owalinyazwa kanzima kodwa wangagcina ngokusinda.

UKinyua ubhekene necala lokubulala uKujoe Bonsafo Agyei-Kodie, 37, waseGhana.

Okhulumela amaphoyisa uMonica Worrell uthi izicubu ezitholakele kukholakala ukuthi ngezikaKodie, owanyamalala ngoMeyi 25.

Ubaba kamsolwa nguye owazisa amaphoyisa ngokutholakala kwezicubu zomuntu, umfowabo kamsolwa uzithele emathinini amabili anekhanda lomuntu nezingalo.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Comments
  • nkazimulo.sibisi.1 - 2012-06-01 10:03

    This is demonic serious

  • pages:
  • 1